ZIHLALE NGOBUMNYAMA IZIVAKASHI IHHOTELA LICINYELWA UGESI
Mzukulu kaMhlanganyelwa
Zihlale ngobumnyama izivakashi ngesikhathi ihhotela iSheraton esePitoli icinyelwa ugesi ngenxa yokukweneta.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi uMeya woMasipala iTshwane uDokotela Nasiphi Moyo ehola umkhankaso wokucimela ugesi amabhizinisi angakhokhi obizwa ngokuthi #TshwaneYaTima.
UMoyo uthi lelihhotela libakweneta izizumbulu zemali kagesi yingakho belicimelile nje.
” Sihlezi sibacimela ugesi ngoba abasigcini isivumelwano, kulokhu basikweneta ugesi onguR 1,418. 109. 42. Sibacimele ngisho sebencenga bethi bazoyikhokha sisakhona la ngoba siyabazi bangamaqili, sonede sihambe nje phinde bakhokhe ” kuchaza uMoyo.
UMeya uphinde wadalula ukuthi uMasipala iTshwane ikwenetwa imali engango R 29 Billion ngamabhizinisi angafuni ukukhokha.
Akuqali ukuthi lelihhotela licishelwe ugesi, ngonyaka ka 2022, iSheraton yacinyelwa ugesi ngenxa yokukweneta imali engango R23 million.