Ezintsha

AMABHANGE AMAKHULU AYAQEDA NGAMA ATM

Mzukulu kaMhlanganyelwa

Amabhange amakhulu kuleli okunguABSA, Standard Bank,Nedbank kanye no FNB asevale imishini yokukhipha imali engu 238 phakathi kukaDisemba 2023 noJuni 2024.

Isibalo sama-ATM eNingizimu Afrika yonkana sehle ngenani elingilu-400 unyaka nonyaka phakathi kukaJuni 2023 noJuni 2024.

I-Absa, eyayinenani eliphakeme kakhulu lama-ATM ngo-2019, yavala imishini ecela ku-3,500 njengoba amakhasimende ayo eshintshela kwi-e-commerce kanye nezinkundla zedijithali eminyakeni edlule.

I-FNB yehlise inethiwekhi yama-ATM ngo-990, isuka ku-5,780 yaya ku-4,790, phakathi kuka-2019 no-2024.

Yize inethiwekhi yama ATM akwaNedbank ibonakalisa ukwenyuka okuncane ngesikhathi esifanayo, imininingwane yakamuva ikhombisa ukuthi nayo isiqala ukwehla.

Uma kuqhathaniswa, i-Capitec inyuse izinombolo zayo zama-ATM ngo-367 phakathi kukaFebhuwari 2024 no-August 2024.