OWEKAYA FM NOHLELO OLUSHA KUMZANSI WETHU
Mzukulu kaMhlanganyelwa
UMzansi Wethu wethula i-The Ones with TBose, uhlelo olusha lwezingxoxo oluhlanganisa amasiko akuleli nawomhlaba wonke ngendlela engajwayelekile.
Loluhlelo luzokwethula nguThabo “TBose” Mokwele wodumo kwi Kaya FM.
Lolu hlelo luzogxila kakhulu ezimpilweni nasezindabeni zabantu abawosaziwayo ezimbonini eziningi, kusukela kwezobuciko nezokuzijabulisa kuye kwezombusazwe, indlela yokuphila nokunye okuningi.
U-TBose, umakadebona wezokusakaza oneminyaka engaphezu kwengu-30 kulendima, uthembisa ukuletha amakhono akhe abukhali okusingatha izingxoxo.
Lokhu kuzonikeza ababukeli ukuqonda okujulile ngezimpilo zazimenywa kuloluhlelo.
Ongumqondisi kwaMnet u-Shirley Adonisi uthe I-Ones with TBose akulona nje uhlelo lwezingxoxo, kodwa ukubungaza izikhathi ezibalulekile, ingqopha-mlando, kanye nabantu abaye baba nomthelela ohlala njalo ubeke uMzansi ebalazweni lomhlaba.
Izivakashi ezingalindelwa kuloluhlelo singabala uBaba John Kani, umculi uThandiswa Mazwai, usomahlaya uTrevor Noah, DJ Black Coffee, umculi uZakes Bantwini, nabanye abaningi abavela emikhakheni eyahlukene.
Loluhlelo luzosakazwa kuMzansi Wethu (DStv channel 163) kusukela ngeSonto zingama-30 kuNdasa ngo-18:00.