Ezintsha

IZINDABA EZIMBI NGOMDLALO UMKHOKHA – THE CURSE

Mzukulu kaMhlanganyelwa

AboMzansi Magic sebememezele ukuthi kuyaphela ngomdlalo othandwa ngabaningi uMkhokha- The Curse. Lomdlalo uzogcina ngonyaka ozayo kanti sekukhona umdlalo omusha ozothatha indawo yawo ozomenyezelwa maduze nje.  Omunye umdlalo abawuqedayo i-My Brothers Keeper nawo othandwa ngabaningi.

Yize lemidalo iphela kodwa uMqondisi kwa-M-Net, u-Shirley Adonisi uzincome zombili lezi zinhlelo ngeqhaza elimangalisayo ekuxoxeni izindaba eMzansi.

“Umkhokha: The Curse  kanye ne My Brother’s Keeper ziqhakambise ikhono elimangalisayo esinalo eMzansi. Kusukela emiqondweni ekhaliphile yababhali nabakhiqizi bethu kuya ekusebenzeni okunamandla kwabalingisi bethu, le midlalo yenze izindaba zethu zaphila ngendlela ethinta kakhulu izethameli. Siyabonga kakhulu iRhythm World Productions kanye nabalingisi nabasebenzi abavelele abaphendule le midlalo yaba yinsakavukela umchilo wesidwaba.” Kuchaza Adonisi.