KUDALULWA UNUMBER 5 KAMSELEKU WOTHANDO NES’THEMBU
Mzukulu kaMhlanganyelwa
Isizini entsha yohlelo oluyintandokazi olulandela impilo yomndeni wakwaMseleku, Uthando neS’thembu lizodalula unkosikazi wesihlanu kaMseleku njengoba likhuza ibuya ngonyaka ozayo.
Ngesikhathi lugcina loluhlelo ngesizini edlule kwabe kushubile njengoba uMseleku watshela isithembu sakhe ukuthi uzothatha unkosikazi wesihlanu.
Loluhlelo oluzobuya njenge-realnovela ehehayo, eneziqephu ezingu-24 seluzodlala kabili ngesonto ngoLwesithathu nangoLwesine kanti lizoqala ngomhlaka 8 Januwari 2025, ngo-20:00 nango-21:30 ebusuku.
Echaza ngesini entsha yaloluhlelo u-Shirley Adonisi, onguMqondisi we-Local Entertainment Channels eMnzansi Magic uthe bajabule ukwethulela ababukeli isizini yakamuva yoThando neS’thembu.
“Sikuzwile ukukhala kwabo yingakho sijabule ngokuthi sizobanikeza iziqephu eziningi kunakumasizini adlule. Ngeke kusaba nama-cliffhangers njengoba sekuzoba seziqephu ezimbili ngesonto,” kuchaza u-Adonisi.
Kulesizini uMaCele ubonakala esebunzimeni bokwamukela umakoti omusha, uMaYeni ebhekene nemizwa yokushiywa ngaphandle, uMaKhumalo naye unenkinga nezinguquko, kanti uMaNgwabe ubhekene nenkinga njengoba kumele athathe isinqumo sokuthi ahambe kulomndeni noma ahlale.