Ezintsha

BABONGA UKUTHI AKABONWA KWI TOP 10 UKHUZANI WENGOMA EBANDAYO

Mzukulu kaMhlanganyelwa

Abantu baseNingizimu Afrika babonga ukuthi akabonwa nangokhalo kwi-Top 10 yengoma ezohlukanisa unyaka kuKhozi FM uKhuzani Mpungose owabangenisa kulonyaka ngengoma ebandayo futhi eyabe ingaziwa muntu.

Lokhu kulandela ukuthi oyisiKhulu sokuKhangisa oKhozini FM uLwazi Mthabela ememezele izingoma ezilishumi ezizovotelwa ukuhlukanisa unyaka.

“Njengoba sasishilo ukuthi abantu sebengaqala ukuvotela izingoma ezizongena kwi- Top 10. Yizo ke lezi izingoma abalaleli boKhozi abazikhethile. Ukuqala ukuvotela ingoma ezohlukanisa unyaka kuzoqala phakathi kwamabili,” kuchaza uMthabela.

Yize abantu behlukene phakathi nge-Top 10 yoKhozi FM kodwa iningi lijabuleka ukuthi uKhuzani Mpungose owabangenisa ngengoma abangayazi onyakeni omusha akekho kuloluhla oluzovotelwa kulonyaka.

Nazi izingoma ezingene kwi Top 10 (Ingoma ezohlukanisa unyaka)

Woodblock DJs – Skuta baba

Thokozani Langa – Thokoza

Mthandeni SK – Gucci

Allen – Unobuhle

Malungelo – Uyavela

Malini – Uthunyelwe abadala

Mjolisi – My Dululu

Black Major – Sdakiwe sbali

Andile KaMajola – Liphakanyisiwe

Zintle Kwaaiman – Sabela