INKAMPANI ITAKULE UMSAKAZI OBESE KUPHELE IZINGA ENGANAMOTO
Umzukulu kaMhlanganyelwa
Umsakazi owalaxazwa i-East Coast Radio nobesekuphele izinyanga engenamoto uKeri Miller utakulwe inkampani edayisa izimoto eyaziwa nge -CMH Mahindra Ballito.
UMiller ongumsunguli womsakazo oqale kulenyanga emoyeni iPlay ZN bese kuphele izinyanga eziyisithupha engenamoto.
Lenkampani ixhase uKeri ngohlobo lwemoto iMahindra eshaya ngobuchwepheshe besimanje.
” Umuntu ubesephila ngokugibela oUber abadlala umculo wamapiyano, angikhonondi ngoba ngizithole sengiluthanda loluhlobo lomculo. Kubuhlungu ukuba ngumthwalo kubantu uma kukhona indlela okumele uyithathe uboleka izimoto zabo. Kodwa namuhla ngenzelwe umusa senginemoto ethi mina,”kubonga lomsakazi we Play ZN