Abasakazi

UMSAKAZI WESILISA UNCELISA AMAWELE

Umzukulu kaMhlanganyelwa

UKHANYA Siyengo owaziwa kakhulu ngokuthi uKyeezi ungomunye wabasakazi abancelisa amawele emisakazweni yakwa-SABC. UKyeezi ongowokudabuka eKapa ushayela uhlelo lwantambama olubizwa nge- The Great Drive with KYEEZI emsakazweni i-Good Hope FM bese ephinda esakaza iMetro FM Top 40 ngoMgqibelo emini.

Ebonga lokhu kundlondloba kwakhe lomsakazi ubhale ekhasini lakhe lika-Facebook ukuthi kuke kwanzima kodwa akafuni ukuqamba amanga, impilo ihamba kahle kakhulu manje. Ube esebonga abalandeni bakhe ngokumeseka kanye nezikhulu zakwaSABC ngokuthi zimnike lelithuba elingandele bani.

Omunye umsakazi oke wancelisa amawele nguSiya Mhlongo obenza uhlelo Ubusuku Obuhle oKhozini FM kanye ne-Command Your Day emsakazweni iMetro FM. UThami Ngubeni naye uke wasakaza kwiMetro FM kanye ne Radio 2000. 

Ukuncelisa amawele kwaSABC kwaqala ukubonakala ngoRobert Marawa obesakaza uhlelo lwezemidlalo kwi-Metro FM kanye naku Radio 2000.

UKyeezi osakazela iziteshi ezimbili okuyiMetro FM kanye neGood Hope FM