UKhuzani uzozungeza awomhlaba egubha eyamaGugu
Sabie Chili
Njengoba kuyinyanga yamaGugu kuleli, izobe the chithi saka imicimbi nemigubho ezindaweni ezahlukene.
Umculi wakuleli kamasikandi, uKhuzani ‘iNdlamlenze’ Mpungose uzolifulatheli leli eselibhekise phesheya kwezilwandle.
Uzohambela eNew York e-US, United Arab Emirates naseDubai lapho ezobe ejikeleza khona njengengxenye yemigubho yamasiko.
Akazukuhamba yedwa kodwa uzobehamba nekwaya yomculo weGospel, iClermont Choir nayo ezobe igubha iminyaka engu-32 yabunjwa.
Bazolifulathela leli ngomhla ka-17 kuze kube umhla ka-29 kuMandulo.
UKhuzani uthi ujabule kakhulu ngokuba yinxenye yalo mjikelezo ngoba uzoba ngumlando ongasoze wacisheka empilweni yakhe.
Uthi lokhu kuyaveza ukuthi nomculo kamasikandi ubalulekile ekugcinweni kwamaGugu esizwe.