Okufundwe uLebitso ngokushintshwa kwabaqeqeshi kwiChippa
Uma udlala kwiChippa United, okuyiqembu elidume ngokushintshashintsha abaqeqeshi, into ekusizayo ngokusho kukaThabiso Lebitso wukunaka izindaba zakho.
Ngokubona kukaThabiso Lebitso, ongomunye wabadlali abahlale isikhathi eside kwiChippa United, kumele ubhekane nomsebenzi owawuqashelwa, ukhohlwe okunye.
Lo mdlali usanda kukhululwa kuleli qembu kanti okwamanje akukacaci ukuthi ubhekephi futhi akathandanga ukungena kakhulu kuleyo.
Nokho kunamahlebezi okuthi uzosayina kwiSuperSport United kaGavin Hunt maduze.
“Angifuni ukuqamba amanga. Angazi ukuthi kwenzakalani, kusengamahlebezi nje,” kusho uThabiso Lebitso kwiSowetan.
“Akekho oseke wangifonela wakhuluma nami noma kwakhona okufika ezindlebeni zami ngalokho.”
ULebitso ugcizelele ukuthi ngesikhathi sakhe kwiChippa United ubekhetha ukugxila ekudlaleni kungakhathalekile ukuthi ngubani umqeqeshi.
IChippa isibe nabaqeqeshi abangaphezulu kuka-22 kusukela yanyukela kwiDStv Premiership ngo-2012.
Isanda kwenza olunye ushintsho kubaqeqeshi. UKwanele Kopo noThabo September bathathe izintambo zokuba ngabaqeqeshi ngokubambisana kuze kuphele isizini.
Bangene ezicathulweni zikaMorgan Mammila ‘okhushulelwe’ esikhundleni sokuphatha ezokuqeqesha kwiChippa United.
“Kunjalo mnewethu. Ibhola linjalo. Njengomdlali webhola elikhokhelayo kumele uhloniphe izinqumo zeqembu lakho…
“Umsebenzi wakho wukudlala ibhola hhayi ukugxambukela kokwenzeka ehhovisi,” kusho uThabiso Lebitso.
Ubengomunye wabadlali abebeyingxenye yePSL Player Transition Programme okuyizifundo abazenza eGordon Institute of Business Science (Gibs) eSandton.
“Njengomdlali webhola kumele uhlale wazi ukuthi okwakho ukwenza okushiwo ngabaqeqeshi kungakhathalekile ukuthi obani labo baqeqeshi.
“Uma ikilabhu inquma ukushintsha umqeqeshi, akuyona indaba yakho njengomdlali webhola ngoba udinga ukugxila ekudlaleni ibhola kuphela.”
Okufundwe uLebitso ngokushintshwa kwabaqeqeshi kwiChippa
Ngaphambi kokuthi akhululwe kuleli qembumbu, ubeseqale imidlalo engu-12 kwengu-16 yeligi edlalwe yiChippa ngaphansi kukaMammila kule sizini.