AbasakaziEzintsha

UPhindy K unxenxa ukuxolelwa kukaKini Shandu

Umsakazi weVuma FM, uPhindile “uPhindy K” Kweyama usebe ngusaziwayo wokuqala ukuvikela uKininonke Shandu ozifakele iziqandu ngempelasonto.

UShandu uphenduke isitha sabantu besifazane kuleli ngemuva kokubadelela, ebehlisa isithunzi ethi akumele bahlonishwe uma sebezalele ekhaya. 

Ugcine ewahoxisile amazwi akhe, waphinde waxolisa. Kodwa lokho akusizanga njengoba umonakalo bewusuvele udalekile.

Abesifazane bekhasi likaFacebook elidumile, iLadies House, babe sebeqala umkhankaso wokuthi axoshwe yonke indawo lapho esebenza khona.

Bathe abantu kumele bayeke ukubuka uMkhokha alingisa kuwo kuze kube uyakhishwa kulo mdlalo uShandu. 

Kodwa uPhindy K ubona sengathi sekwedlulele lokhu okwenzekayo, uthi uShandu ulibonile iphutha futhi waxolisa ngalo. 

“La (kuFacebook) sifunda ukuthi abantu banjani,” kubhala le ntokazi ekhasini layo ezinkundleni zokuxhumana. 

“Isibindi sokusizakala ngoba omunye umuntu elahlekelwa isinkwa… 

“Angisho ukuthi into ayishilo ilungile kodwa ayingibulalanga mina futhi ayiyijikanga indlela engizibuka ngayo. 

“Yebo, nginayo ingane futhi umuntu ongithathayo, ungithathe nengane yami.

“Kodwa ukuthi ngeke ngisawubuka Umkhokha nayo yonke lento yokuthi akuvalwe izindondo sengathi usebenza yedwa kuzo. 

“Manje ngabe sicabanga ukuthi kungcono abantu asebenza nabo bangabi naso isinkwa? “Asisakwazi nokucabangela bona, sivele isimo eMzansi sinje imisebenzi ivele ingekho, yooooh ngishaqekile bandla.”

Ukhuluma kanjena nje uPhindy K, omunye wesifazane oke wasakaza noShandu, uClarissa Mfeka usanda kuveza obakhe ubuhlungu afakwa kubo uShandu.

Uthe uShandu wayemeya, emenza azizwe engafanele ukuba semsakazweni futhi nemibonoo yakhe eyifela amathe ngoba nakhu engowesifazane. 

Uzakwabo kaPhindy K kwiVuma FM, uJacinta Ngobese yena utholane phezulu noShandu bebanga yona le nkulumo yakhe.