AbasakaziEzintshaUmculo

UTwasa uthintwe yicala likaZahara neTS Records

Umsakazi obuye abe ngumculi, uTwasa, ogama lakhe langempela uSeipati Seoke, usengenelele izimpikiswano ezisuke kulandela ukushona kukaZahara.

Lo mculi owaduma ngengoma ethi Loliwe, ushone ekuqaleni kwesonto ngemuva kokuxinwa wukugula okubambisana nesifo sesibindi.

Ngemuva kokushona kwakhe, kuvuke umunyu kubantu, bakhumbula nokuthi ushona nje inhliziyo yakhe beyingaxolile.

Lokhu bekungenxa ‘yokuqolwa’ kwakhe yinkampani ayeqopha ngaphansi kwayo, iTS Records.

Manje uTwasa – ingumsakazi kwiLesedi FM nowaduma ngokwethula iJam Alley kuSABC 1 kudala, usephawulile naye ngaloli daba.

UTwasa thi izimpikiswano ziveze obala ukuthi abantu abayiqondi ukuthi isebenza kanjani imboni yomculo yakuleli.

“Njengoba ngifunda zonke izinkulumo eziveza intukuthelo ebhekiswe kuDJ Sbu noTK Nciza, angikwazi ukuzibamba,” kusho uTwasa.

“Kodwa ngibona ukuthi abaningi abazi okuningi mayelana nendlela imboni yomculo ehleleke ngayo nokuthi umthetho usebenza kanjani. 

“Angiyazi imininingwane yaleli cala (likaZahara neTS Records) ngakho-ke angikwazi ukuthatha uhlangothi kulo. 

“Angifanelekile ukukhuluma ngodaba lukaZahara neTS Records. Ngakho-ke ake ngizophawula ngale mboni ngingahlanganisi naleli cala. 

Ube esechaza ke ukuthi imboni isebenza kanjani, eveza nokuthi kuyo azikho izinhlaka ezibhekelela abaculi njengakwezinye izimboni.

“Lena yimboni lapho kuba “idlanzana” kuphela elidumayo bese liqongelela ingcebo,” kuchaza uTwasa. 

“Yimboni lapho amaciko, emkhakheni wezobuciko obanzi abelokhu enxenxa ukuguqulwa kwezinseko zayo.

“Isicelo osekuphele iminyaka kodwa kubukeka zifika ezindlebeni ezivaliwe.

“Abasebenzi kweminye imikhakha banezinyunyana nezinkundla zokulamula amacala njenge-CCMA. 

“Eminye imikhakha inama-ombudsmen. Ngicela ungazise ngoba angazi mina, amaciko, abahleli bemicimbi, nabanikazi bezinkampani zokurekhoda ezincane bangazibikaphi izikhalo zabo?”