Sekugcine kumenele uZahara obexinwe yisifo sobende
Abantu bathukile futhi abakholwa wukuthi kuyiqiniso ukuthi isihlabani somculo sakuleli, uZahara akasekho.
Izindaba zokushona kukaZahara zivele ngoMsombuluko ebusuku, zagcwala ezinkundleni zokuxhumana, kwagcwala izinyembezi.
UZahara ubengeniswe esibhedlela emasontweni amabili edlule exinwe yisifo esihambisana nobende.
Ubesegunjini labaxineke kakhulu elaziwa nge-ICU kuzanywa imizamo yokuthi asinde kodwa kwasho khona ukuthi mhlawumbe nesikhathi sakhe bese sifikile.
Lo mculi owazakhela igama eminyakeni engaphezu kweshumi edlule ngengoma ethi uLoliwe ubengomunye wabangaziphakamisi nabathandwayo ngabalandeli.
OLUNYE UDABA: UMpho Maboi ubona umshado wamosha uthando lwakhe noYeye
Imininingwane egcwele ngokushona kwakhe beyingakatholakali ngesikhathi sokushicilela. Isigqi Sethu sidlulisa ukukhalisana kwaso nomndeni nabangani bakhe.