EzintshaUmculo

ULady Zamar ukhala ngokufihlwa kwefoni kwabathandanayo

Kungani nenza zonke izinto ezinenza nixumane ngokomoya kodwa ifoni yona ibe yinto efihlwayo, ubuze kanje uLady Zamar ngeSonto. 

Lo mculi weHouse onezingoma eziningi ezidumile, ukubuze lokhu ngesikhathi ebhala kwi-Instagram Threads.

“Uma nisebudlelwaneni, nigeza ndawonye, nenze ucansi olungavikelekile, nikhothane izitho zangasese,”  kubhala uLady Zamar.

“Nidlela epuletini elilodwa, nisebenzise imfoloko eyodwa, niphuze ngengilazi eyodwa niqabulane niphinde nilale embhedeni owodwa. 

“Senza zonke lezi zinto ezidinga sisondelane pho kungani uma umlingani wakho ethinta ifoni yakho uthi usengena ezintweni ezingamdingi?

“Yonke lena enye into eniyenza nisondelene yinhle ngaphandle kwefoni. Yingoba kukhona into ozama ukuyifihla,” kwengeza uLady Zamar. 

ULady Zamar ubukeka eqinile ezelulekweni ngakwezothando muva nje ngoba nangaphakathi nesonto ike yabhala futhi ngazo. 

“Amanye amadoda azokushela ngoba efuna ukugoba inkani ngoba ayazi ukuthi awekho ezingeni lakho.

“Futhi indlela owenza azizwe ngayo awenza akhubeke emoyeni ngoba ayazi ukuthi awekho ezingeni lakho.” 

Uphinde wathi abesifazane akumele bakhale uma behlukana namasoka abo ngoba ayikho indoda efanelwe wukutuswa ngaleyo ndlela. 

“Ayikho nhlobo indoda efanelwe yizinyembezi zakho uma ikulimaza emoyeni, ikulutha noma ikudelela. 

“Ngiyacela ntombi, khuphula izinga lakho, zihloniphe,” kubhala uLady Zamar owake wenza izinsolo zokuthi wadlwengula uSjava.