AbalingisiAbasakaziEzintsha

UJacinta usola abalaleli ngokwanda kosaziwayo emsakazweni

Umsakazi weVuma FM, uJacinta Ngobese uyikhombe kubo abalaleli inkinga yokwanda kosaziwayo abangazi lutho ngokusakaza kule ndima. 

Sekukaningi kuvela izikhalo ngokuthi imisakazo emikhulu seyibheka ukuthi umuntu udume kangakanani ezinkundleni zokuxhumana bese imqasha. 

Eyokuthi uyakwazi yini ukusakaza nokuthi unalo yini ikhono lokucikoza ngomlomo okuyinto edingeka kule ndima seyiza ngemuva. 

UJacinta naye usephawulile ngalokhu. Ufake isithombe somunye obekhala ngalokhu kwi-X, uNthabeleng Likotsi.

“Umsakazo wayeka ukuba ngumsakazo mhla befaka ‘osaziwayo’ ukuba baphathe izinhlelo,” kubhala uNthabeleng. 

“Ukubanga umsindo usuku lonke akukhona ukusakaza, bayamemeza nje, bankante bengasho lutho oluhlakaniphile ngoba nakhu banabalandeli abaningi ezinkundleni zokuxhumana.”

Ephawula ngalokhu, uJacinta uthe akuwona umsakazo kuphela onalenkinga yosaziwayo abavele bashuthekwe nje.   

“Yonke nje indima yezobumnandi nokungcebeleka inengcindezi ngoba osaziwayo nonontandakubukwa abangenathalente yibo asebephethe. 

“Kodwa inkinga wukuthi baletha izibalo eziphezulu,” kubhala le ntokazi yakwaNgobese. 

“Izibalo ngabantu, labo bantu basho imali futhi labo bantu nguwe. Kodwa yibo labo bantu abajike bakhalaze ngosaziwayo nonontandakubukwa.

“Uwena obakhile… Ngakho abantu abasadingi ukuba nethalente muva nje, badinga izibalo kanti lezi zibalo uwena.” 

Nensephe kwezokulingisa, uJerry Mofokeng usanda kukhala esifanayo, ethi le mboni yabo seyigcwele abantu abangazi nokuthi yini ukulingisa. 

“Kinina bophrojusa nabaqondisi sicela niqoke abalingisi, hhayi onobuhle,” washo kanje emukela indondo yakhe yeSafta ngoMfumfu. 

“Thina sifuna ukulingisa, futhi siyabuhlonipha ubuciko bethu. Akukhathalekile isibalo sabantu abakulandelayo ezinkundleni zokuxhumana. 

“Kodwa kumele kubhekwe ubuciko ofika nabo. Thina ke esingabalingisi bafethu ayikho into ekusiza uhlale isikhathi eside kule ndima ngaphezu kokuziphatha kahle nokuhlonipha umsebenzi.”