EzintshaIzinhlelo

IMetro FM iziphoxile ngengxoxo nodokotela mbumbulu

Ngenkathi iMetro FM inquma ukuxoxisana ‘noDkt. mbumbulu’ uMatthew Lani, omunye wabasebenzisi benkundla yezokuxhumana uthe kuyacaca sekufike izikhathi ezinzima kulo msakazo. 

Le ngxoxo nalo dokotela ingene ohlelweni oluhlonishwayo lwalesi siteshi iMetro FM Talk olungena phakathi kuka-8 no-9 kusihlwa. 

Lwethulwa uFaith Mangope. ULani akayena udokotela osemthethweni – ungumuntu nje ozifunela udumo kwi-TikTok. 

Umthombo osebenza ngaphakathi kulo msakazo utshele abeMojaLove ukuthi le ngxoxo beyiphekwe gabadidiyeli ngenhloso yokunyusa izibalo zabalaleli balolu hlelo. 

Nokho akuhambanga ngendlela abebefisa ngayo njengoba abantu bengasithandanga lesi sinyathelo, besibuka njengesijivaza isithunzi sohlelo. 

“Bebebheke ukuphusha izinombolo nokuduma, abacabanganga ukuthi abantu abazoyamukela kahle lento,” kusho umthombo.

Kwi-X (ebiyaziwa ngeTwitter) abantu bawunaphazile lo msakazo bewusola ngokunika uLani ithuba lokuqhuba amanga akhe enkundleni yomphakathi ehloniphekile. 

Ngesikhathi exoxa noFaith, uLani uqhubeke nokuzibiza ngodokotela, ethi iziqu wazithola e-University of Witwatersrand. 

Kodw awakuphika lokhu ngesikhathi eboshwa esibhedlela iHelen Joseph emavikini ambalwa edlule. 

NeWits yakhipha isitatimende imchitha, ithi ayikaze ibe nomfundi onegama likaMathew Lani emabhukwini abafundi abadlula kuyo. 

ULani uphinde wathi wasebenza eHelen Joseph iminyaka emibili ngemuva kokuthola iziqu zakhe, kanti lesi sigameko sokuboshwa kwakhe kwakuyiphutha lonogada.

Okhulumela iSABC, uSibusiso Gumbi, uthe bekungenzelwa izinombo, kodwa basazophenya ngalesi sigameko.