IKaizer Chiefs ibhekene nezinkinga zokungenzwani eqenjini
Sekubhboke ithumba ngamahlazo afukanyelwe yiKaizer Chiefs njengoba kubikwa ukungezwani kwezinhlanga nezinkinga zokuziphatha kwabadlali ekhempini yayo.
Lokhu kuvele ngaphambi komdlalo omqoka weKaizer Chiefs weDStv Premiership ezowudlala neMoroka Swallows eDobsonville Stadium ngeSonto ntambama.
Lezi zinkunzi zaseSoweto azizange zibe nesiqalo esihle kule sizini kanti manje sekuvele ukuthi iqembu alihlangene nhlobo.
Ngokombiko weSunday World, abadlali abamnyama eqenjini banomuzwa wokuthi babukelwa phansi uma beqhathanisa nendlela ozakwabo abangamakhaladi abaohethwe ngayo.
Le mibiko ithi iqembu liphinde libe nezinkinga zokuqondiswa kwezigwegwe njengoba ukaputeni weqembu u-Itumeleng Khune noMduduzi Mdantsane bemisiwe ngenxa yokuphuza utshwala ngesikhathi somsebenzi.
Kubikwa ukuthi uKhune utholwe edlulile emkhawulweni ngesikhathi ehlolwa utshwala ejimini ngesonto eledlule.
UMdantsane kuthiwa wehlulekile wukuzibamba, waphuza ngesikhathi kunomcimbi wokuhlonipha usihlalo weqembu, uKaizer Motaung muva nje.
Okhulumela iKaizer Chiefs, uVina Maphosa, ucashunwe ezivuma lezi zindaba zokuqondiswa kobugwegwe, kodwa wachitha izinsolo zokucwasa ngokwebala.
“Kunezinkinga ezikhona ngomdlali okhuluma ngaye,” kusho uMaphosa ephawula ngodaba lukaKhune.
“Ngeke siqinisekise noma sikhiphe isitatimende kuze kube ikilabhu isinikeza isithombe esicacile nomyalelo oqondile mayelana nalolu daba.
“Siyazi ukuthi kunodaba umnyango webhola ophezu kwalo oluthinta lo mdlali.
“Sizokhipha isitatimende uma kukhona ukujeziswa okwenziwayo, kungenjalo sizobe siyagxambukela.”
UMaphosa uvumile ukuthi uMdantsane weqe umthetho weqembu wabe esemiswa.
Uthe nokho lolu daba selusetshenziwe futhi manje selufana noseludlulile.
“Mayelana nokuqembukelana ekhempini, yinto ebilokhu ikhulunywa nje futhi ngicabanga ukuthi yinto ezohlezi ikhona lapho kusebenza khona abantu bezinhlanga ezahlukene.
“SiyiKaizer Chiefs asihlukanisi ngokobuhlanga. Uma kukhona into enjalo ekhempini yethu, sizoyiqeda nya.
FUNDA NALA: UBaloyi ufuna iChiefs iyeke ukucucuza, ilande uPitso
“Bonke abadlali baphathwa ngendlela efanayo, futhi bonke abasebenzi beqembu bayalingana,” kusho uMaphosa.