Ugudle omaskandi abakhipha njalo uSmiso Khumalo
USmiso Khumalo usegudle abaculi abakhipha kaningi ngonyaka, ethi yena uyokwenza lokho mhla esebona ukuthi ingoma iyamhlula.
Lo mculi kaMaskandi uthi yena ukhipha kanye ngonyaka. Ukusho lokhu ebhala ekhasini lakhe leFacebook.
Ubezwakala ephendula abalandeli abebebuza ukuthi kanti yena ukhipha nini njengoba bonke abaculi benezingoma noma ama-albhamu amasha.
Lokhu bakwenzela isasasa lalesi sikhathi sonyaka njengoba sekubhekwe emaholidini okuphela konyaka.
“Ngiyazizwa izimpisi zilokhu zingibhalele njalo zithi ngikhipha nini,” kubhala uSmiso Khumalo.
“Baf’wethu mina ngikhipha kanye ngonyaka. Mhla ngayigeja ingoma mhlawumbe nami ngiyozama ukunikhiphela njalo ngoLwesihlanu.”
USmiso Khumalo uthembise ukuthi yena useyoze abuye nomsebenzi omusha ngonyaka ozayo uma sekubhekwe emaholidi ephasika.
OLUNYE UDABA: UGatsheni ubonga abalandeli, uza nomculo omusha ngoDisemba
“Isaniphethe kanjani i-Automatic Voice (i-albhamu yakhe yanonyaka) lapho? Iyodibana ngonyaka ozayo ngaso leso sikhathi sephasika.”